Phumzile Zondo reciting........" Ithuba".
Ithuba
Uyazi, ngadela konke
Uthando nempatho yabazali
Ngathwala ikhanda ngilandelana nawe
Sehla senyuka, siwa sivuka
Sibambene ngezandla
Amehlo egcwele uthando, izinhliziyo ziphuphuma injabulo kodwa izisu zilambile
Kwakuwuthando lweqiniso
Singenalutho kodwa, iZulu leli noMhlaba lona kwakungokwami, ngokusho kwakho
Abazali laba engabashiya bephoxekile, behlekwa izwe babezoxola, ngok'bona kwakho
Ukuzwa ukuthi uyangithanda kwakungenelisa, buyisa nethemba
Ngangimuhle ngimekahle , uyazi ungeke waphila ngaphandle kwami
NgiyiNdlovukazi, uNok'khanya ohlobisa impilo yakho
Safika lakhona ukusa kwakungabonwa, la khona lalihlezi lishonile ilanga, lalihlezi ling'shonele mina
Ngaqala ngazizwa ngimncane, ngangabonakala, Hawu! Sengiyisidina? Usung'phathisa okwesitsha somchamo phela usefikile uNokwanda
Yafik'indodazi
Le owawuthi iyozalelwa ezweni lesethembiso
Le okwakumele kube eyethu, eyami nawe kodwa sekungeyami, eyami ngedwa
Ngyazisola manje, seng'celithuba
Umzuzwana nje, angsanandaba nothandolwakho, yazi ang'nandaba nalelo zulu nalowo mhlaba!
Ithuba nje kuphela
Lokubhalela abazali incwadi encane ekhaya, ngizixolisele ngokubhunguka neslima sendoda ebese ngiyacela ukuba umntwana futhi
Ithuba nje kuphela, ilona eliyonginika intokozo yengunaphakade
Lentokozo le ongakwazanga ukunginika yona.
Inkondlo uPhumzile Zondo |
No comments:
Post a Comment