Okhokho
noMkhulu
noBaba abangizalayo.
Ukhokho yena
NguMshayiwezitha!
Usimangodonga bagwazudonga!
Unduku zasala ematholonjini kumshayi wezihambi kwaNsele!
Owayeganwe amakhosikazi amane,
UMaMnyangu, uMaMthethwa noMaDube ababili.
Yena wazala indodana yakhe endala UMkhishwa,
Uqoveqove umkhovu omdala awusathunywa eKloof , umakhathakhatha muthimuni!
Yena owayelanywa uNengwayini, onguMkhulu ozala ubaba ongizalayo.
UGqamuzamapatsha!
Ingane izophuma entanyeni, uMkhovu bhajiwe!
Elanywa uMthubeni ,abathi uGadlakanye! uSenziwanjani, Labantu sebefikile sizobenzanjani ?
Babekhona bebaningi kodwa ngiphuma nalaba abathathu.
Ebese bona bezala obaba abasizalayo, njengo baboMdala uThanduyise
UMancinza ayiyeke, iyesokeni.
Ebese kuba ubaba ongizalayo ke mina Phumzile Zondo
uSimangankalo , umachusha ngentuba emzini wendoda ngoba esaba imkhonto nezagila, uXam'uthuke kabi ngoba uthukele esizibeni! UMpangele yeswele uhlamvu!
Special Thank you to Mr R.S Zondo
for the beautiful ancestral information, Praise poetry of where we come from and who we are .
Photo Credit Claudi - Taken at the Peacock Theatre London
No comments:
Post a Comment